ISIPILIYONI SIKA
SANDILANDS SIMENZE WAYIGUGU
Nokwanda Ncwane
Ubevutha engabaselwe unozinti we-Orlando Pirates uWayne
Sandilands, emdlalweni we-Absa Premiership ezakhe ebezitholene kuwo neBlack
Leopards enkundleni yezemidlalo eThohoyandou, ngempelasonto.
Sekuwumlando ukuthi ezika Magebhula zinqobe lo mdlalo
ngegoli elilodwa eqandeni sekuvalwe amehlo, okube umkhonto ogwaze ekhaya
kaThabiso Mokoena ngemuva komnyakazo ka Vincent Pule we-Orlando Pirates, ngesikhathi sikanompempe.
USandilands, osemnkantshubovu ukhethwe njengomdlali ovelele
kulandela ukushaya into ecokeme kulo mdlalo. Lo nozinti usebenze kanzima
ukuvimba imizamo yabagadli be Lidoda Duvha, okuyikho okuqikelele ukuthi
isiwombe sokuqala siphela ingahambi phambili. Ngesiwombe
sokuqala, iLeopards iyona ebihlasela ngamandla, iphinde yaba namathuba amaningi
kepha yahluleka ukuwasebenzisa.
Ephawula ngemuva komdlalo uSandilands uthe “Ngibonga labo
abaqeqesha onozinti eqenjini ngokusebenza ngokuzikhandla uma sizilolonga.
Kuyamangalisa indlela iqembu elidlala ngayo ngokuzimisela. Kumele sizithobe,
siqhubeke nokwenza kahle.”
UMqeqeshi we Lidoda Duvha ukhale ngamathuba ezakhe
eziwalahlile, egcizelela ukuthi bebedinga amaphuzu amathathu,
okungenani elilodwa. “Sizamile njengeqembu, umuntu obephakathi kwethu
namaphuzu amathathu uWayne Sandilands,”
“Ukulimala kwabadlali nakho kube ingqinamba ephoqe ukuba
kushintshe enkundleni, ebesikuhlelele lo mdlalo.” Kusho u-Alan Clark.
Ezika Clark, zingezinye lamaqembu alengelwa izembe njengoba
zilele endaweni yeshumi nane ngamaphuzu angamashumi amabili, ngemuva kwemidlalo
engamashumi amabili nanye.
UJoseph Zinnbauer ocija iBhakabhaka uthe, “USandilands ube
inhlanhla yethu enkulu esize ukuthi sinqobe lo mdlalo. Sijabule kakhulu
ngamaphuzu amathathu, kuyakhombisa ukuthi iqembu lilangazelele impumelelo
ngokunqoba imidlalo. Sesibheke umdlalo phakathi kwethu nomkhaya iKaizer Chiefs
mhla zingamashumi amabili nesishiyagalolunye kwephezulu.”
Ukunqoba lo mdlalo kwe Pirates sekuyibeke endaweni yesibili
kwi log yesicoco se-Absa Premiership, ngamaphuzu angamashumi amathathu
nesishiyagalolunye ngemuva kwemidlalo engamashumi amabili nanye.
Izimbangi zayo ezinkulu iKaizer Chiefs isaqhwakele esicongweni se log ngamaphuzu angamashumi amane nanhlanu ngemuva kwemidlalo engamashumi amabili.
Izimbangi zayo ezinkulu iKaizer Chiefs isaqhwakele esicongweni se log ngamaphuzu angamashumi amane nanhlanu ngemuva kwemidlalo engamashumi amabili.
Wonke njeh lamaqembu ePSL aJaha uTalagu ... njengo Mlandeli we Kaizer Chief angisabi lutho njeh mina.
ReplyDeleteNgivumelana nawe, kodwa ke ingcindezi isikhona kwiziMpofana, kwazise aliselikhulu igebe lamaphuzu
Delete