Sunday 5 April 2020

BAKHALELWE AMASONGO KASIGONYELA ABASHADIKAZI ABABANJWE OQOTSHENI.

Nokwanda Ncwane

Bangaphezu kwamashumi amahlanu abantu abakhalelwe amasongo kasigonyela  endaweni yase Nseleni, ngaphandle kwase Richards Bay ngemuva kokugasela kwabakasidlodlo emshadweni.  Lokhu kungenxa yokuhluleka ukulandela imigomo yokumisa nse yonke into kuzwelonke (lockdown).

Abashadikazi kanye nomfundisi obengamele umshado babalwa kulabo abazolala bebaliwe. Baboshelwe ukuphambana nomthetho we Disaster Management kulesikhathi sombhedukazwe iCoronavirus.

Ngokubika kwe-SABC uMkhulumeli kaZwelonke wamaPhoyisa uVish Naidoo ugcizelele ukuthi imishado ayivumelekile  kulezi zinsuku ezingamashumi amabili nanye zokumisa nse yonke into ezweni.

"Abantu bavumelekile ukuhlanganyela babe ngaphezu kwamashumi amahlanu uma kungumgcwabo,inqobo nje uma indwendwe izosuka endaweni egcina izidumbu iqonde elibeni, lapho kuzofihlwa khona. Ngiyaphinda ngiyagcizelela imishado ayivumelekile ngalesi sikhathi." Kusho uNaidoo.

Kuzokhumbuleka ukuthi akukapheli zinsuku ezingaki kuboshwe abanye abashadikazi base Nkandla, enyakatho nesifundazwe saKwaZulu-Natal. UMnuz Jabulani Zulu no Nkk. Nomthandazo Mkhize baboshwa ngemuva kokusho izifungo zabo zomshado. Inkosi Bhekiziwe Biyela wasesigodini saseMahlaziyeni eNkandla yaluma indlebe abakasidlodlo ngemuva kokuthola ukuthi lezi zithandani ziyaqhubeka nomshado, yize esezixwayisile ngobungozi bokuqhubeka nomshado ebeziwuhlelile.

Ngokusho kuka Ngqongqoshe wezamaPhoyisa uGeneral Bheki Cele bangaphezu kwezinkulungwane ezimbili abantu asebeboshiwe selokhu kuqale ukumiswa nse kwezinto kuleli. UNgqongqoshe uCele ukusho lokhu ngoMsombuluko esedolobheni iNewcastle elisenyakatho nesifundazwe sakwaZulu-Natal lapho bekunesivimba mgwaqo khona. 


No comments:

Post a Comment

Coronavirus Forces Some of Media 24's Publications To Permanently Close Shop Media24 has announced the closure of 5 of its Magazines ...